Umholi wabothisha eNingizimu Afrika From Wikipedia, the free encyclopedia
UDavid Dabede Mabuza (owazalwa ngezi-25 kuNcwaba ngo-1960) ngusomapolitiki waseNingizimu Afrika, oyiSekela Mongameli eNingizimu Afrika aphinde abeyiSekela Mongameli kwi-African National Congress (ANC). Uke waba ngundunankulu wase Mpumalanga ngaphambilini.
Mhlonishwa David Dabede Mabuza MP | |
---|---|
UMabuza ngo 2019 | |
Isekela Mongameli eNingizimu Afrika lesi-8 | |
Manje | |
Isikhathi: 27 KuNhlolanja 2018 | |
President | Cyril Ramaphosa |
Emva kwa | Cyril Ramaphosa |
Isekela Mongameli leAfrican National Congress | |
Manje | |
Isikhathi: 18 kuZibandlela 2017 | |
President | Cyril Ramaphosa |
Emva kwa | Cyril Ramaphosa |
Undunankulu waseMpumalanga wesine | |
Isikhathi: 6 kuNhlaba 2009 – 26 kuNhlolanja 2018 | |
Emva kwa | Thabang Makwetla |
uLandelwa | Refilwe Mtsweni-Tsipane |
Ilunga leNational Assembly yaseNingizimu Afrika | |
Manje | |
Isikhathi: 27 kuNhlolanja 2018 | |
Constituency | Mpumalanga |
Umholi wezohwebo zikahulumeni kwiNational Assembly yaseNingizimu Afrika | |
Manje | |
Isikhathi: 27 kuMandulo 2018 | |
President | Cyril Ramaphosa |
Ukwazisa | |
Ubezalwa | David Dabede Mabuza 25 ngoNcwaba 1960 Transvaal Province, Union of South Africa |
Iqembu | African National Congress |
Ubeshada | Ruth Funi Silinda (bahlukana) Nonhlanhla Patience Mnisi (manje)[1] |
Alma mater | University of South Africa |
Occupation | uSopolitiki |
Profession | uThisha |
Website | Official website |
UMabuza waphothula umatikul' etsheni wakhe eKhumbula High School, wabe eseyofunda eMgwenya College of Education, waphinde wafunda e-University of South Africa. Wathola isitifiketi kwezemfundo kanye ne BA degree kuzo lezi izikole ngokuhloniphekile.[2][3]
UMabuza wayelisekela le Azania Student Organisation (AZASO) kusukela ngonyaka ka 1984 kuya ku 1985, usihlalo we NEUSA kusukela ngonyaka ka 1986 kuya ku 1988, usikhwama we FEP kusukela ngonyaka ka 1986 kuya ku 1990, yi co-ordinator ye NECC kusukela ngonyaka ka 1987 kuya ku 1989, kanye nosihlalo we South African Democratic Teachers Union kusukela ngonyaka ka 1988 kuya ku 1991. Wafundisa KaNgwane Department of Education kusukela ngonyaka ka 1986 kuya ku 1988 waphinde waba nguThisha Nhloko we Lungisani Secondary School kusukela ngonyaka ka 1989 kuya ku 1993.[4]
UMabuza waba yilunga le Executive Council (MEC) kwezeMfundo eMpumalanga kusukela ngonyaka ka 1994 kuya ku 1998, usihlalo wesifundazwe we African National Congress (ANC) kusukela ngonyaka ka 1994 kuya ku 1998, ilunga le Provincial Executive Committee ye ANC kusukela ngonyaka ka 1998 kuya ku 2006, uMEC we Housing kusukela ngonyaka ka 1999 kuya ku 2001, ilunga le Mpumalanga Provincial Legislature kusukela ngonyaka ka 1999 kuya ku 2001, ilunga lePhalamende kusukela ngonyaka ka 2001 kuya ku 2004 kanye nelunga le Mpumalanga Legislature kusukela ngonyaka ka 2004 kuya ku 2007. UMabuza waphatha njenge Deputy Chairperson ye ANC Mpumalanga Province ngonyaka ka 2005, uMEC wezokuthutha kusukela ngonyaka ka 2007 kuya ku 2008, usihlalo we ANC eMpumalanga ngonyaka ka 2008 kanye noMEC we Agriculture and Land Administration kusukela ngonyaka ka 2008 kuya kwizi 6 kuNhlaba 2009. Waphinde wabusa njengomholi wezohwebo likahulumeni kwi Mpumalanga Legislature ngonyaka ka 2007.[5]
Ngonyaka ka 2007 uMabuza weseka umkhankaso owaba yimpumelelo kaJacob Zuma wokuba uMongameli we ANC, esaselisekela likasihlalo eMpumalanga. Wabe eseqokwa njengosihlalo wesifundazwe okwakuyisikhundla esasibanjwe ngu Thabang Makwetla yena owayesekela umkhankaso ongabanga yimpumelelo kaThabo Mbheki wokuba nguMongameli we ANC ePolokwane. Ngezi 10 kuNhlaba ngonyaka ka 2009 uMabuza waba yi Premier yase Mpumalanga.[6][7]
Ngesikhathi somkhankaso wokhetho ngaphakathi ne ANC wokuqokwa owayezo ngena esikhundeni sika Zuma, uMabuza wayeseka owayeqhudelana no Ramaphosa, uNkosazana Dlamini-Zuma, kodwa washintsha, waseka uRamaphosa ngomzuzu wokugcina.[8] Ngezi 18 kuZibandlela ngonyaka ka 2017, waqokwa njenge Sekela Mongameli le ANC. Ngezi 26 kuNhlolanja ngonyaka ka 2018, waqokwa ngu Cyril Ramaphosa njenge Sekela Mongameli lase Ningizimu Afrika. Ngezi 20 kuNdasa ngonyaka ka 2018, uMabuza wakhuluma okokuqala ephalamende, futhi kungokokuqala ephendula imibuzo ka MP njenge Sekela Mongameli lase Ningizimu Afrika. Ngezi 21 kuNdasa ngonyaka ka 2018, uMabuza wakhuluma kwi commemoration ye Human Rights Day eSharpeville ngoba uMongameli uRamaphosa wayengaphandle kwezwe ngokuphathelene nomusebenzi wakhe.
UMabuza usesolwe ngobukhoshovu nokubandakanyeka kwinkohlakalo yama tender nokuba ngemuva kokubulawa kwosopolitiki ababemelene naye esengu premier wase Mpumalanga.[9]Ngonyaka ka 2015, kubikwa ukuthi wadliswa ushevu kodwa wasinda, wabe esezinika igama lokuthi "The Cat" ngenxa yekhono lakhe loku sinda ekuhlaselweni ngabamelene naye.[10] Wayeshiye uVusi Shongwe, owayengu MEC we Community Safety, Security and Liaison, osengu MEC we Department of Agriculture, Rural Development, Land and Environmental Affairs manje, ukuba abe yibambela le Premier ngenkathi engekho egula.[11]
Ngonyaka ka 2010, inani elikhulu lemali, okwabikwa ukuba ngu R14 million, webiwa emzini wakhe. Abaseshi bobugebengu obungubu chwepheshe besifundazwe baqinisekisa ukuba ngu R1,200 kuphela owebiwa emzini wakhe kanti futhi yena ngokwakhe, waphinde wabika ukuba ngu R4-million kuphela odukile.[12][13][9]
UMabuza wathi zonke lezi izinsolo zinguku khankasa nje kwabamelene naye.[14]
NgoNcwaba ka 2018, iNew York Times yaphabhulisha i-athikili yokusesha eyachaza uMabuza kanje “ungomunye wabayingozi kakhulu eNingizimu Afrika. Babalelwa ku 20 osopolitiki, iningi ngaphakathi kwe A.N.C., ababulawa kuleminyaka engu20 eyendlule, abanye ngemuva kokuveza obala inkohlakalo kuma projects kahulumeni”.[8] Le athikili iphinde ibike ukuba uMabuza wakha ubudlelwano benkohlakalo nosopilitiki eMpumalanga ngokunikezela(ngobukhoshosho) amankontileka wokwakha izikole esifundazweni ngenkathi esengu premier, ngalokho wayeqinisa amandla akhe ngaphakathi kwe ANC.[8][15]
Seziningi izinsolo esezibe khona ngokubandakanyeka kwakhe ekubulaweni kuka Jimmy Mohlala, isikhulumi sikamasipala wase Mbombela kanye ne ANC Youth League firebrand uJames Nkambule. Omunye wabeza nalezi zinsolo, ungowaye musebenzela uMabuza, uJan Venter owafakwa kwi witness protection program.[16]
Seamless Wikipedia browsing. On steroids.
Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.
Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.