UbuCiko boHlakahlisombulu igama elichaza yonke imisebenzi yobuciko ekhandwe ngokusebenzisa uhlakahlisombulu .
Umfanekiso okhiqizwe i -DALL-E 2 osekwe embhalweni othi "ubuciko bawe-1960 benkomo ethunjwa i-UFO maphakathi nentshona"
imifanekiso
Images made with Stable Diffusion .
Kunezindlela eziningi zokukhanda ubuciko bohlakahlisombulu, ezihlanganisa inqubo "esekwe emithethweni" yokuphehla imifanekiso ngokusebenzisa izifanelo zomchazazibalo, imicikizo efefenyeka imishwe ngesihlanguli nezinye izitheleli ezibhecwayo (painted effects) , kanye nohlakahlisombulu noma imicikizo yokufunda nzulu efana namaxhoxho aphehla impikiswano neziguquli.
Uhlelo lokuqala olumqoka lobuciko bohlakahlisombulu libizwa AARON, futhi lathithukiswa ngu-Harold Cohen, ekupheleni kweminyaka yowe1960.[1] I-AARON iyisibonelo esiqavile sobuciko bohlakahlisombulu enkathini yokuhlelelisa ngohlakahlisombulu oluyizimpawu (symbolic artificial intelligence) ngenxa yokusebenzisa kwayo indlela esekwe emithethweni yezimpawu ukuze iphehle imifanekiso.[2] U-Cohen wathuthukisa i-AARON ngomgomo wokuthi akwazi ukugema (code) isenzo sokudweba. Esimweni sayo sanguna, i-AARON yayikhanda imidwebo elula yombala omfipha nomhlophe ngokuyibheca. Lokhu kwakulandelwa ngokuthi u-Cohen aqedele imidwebo ngokuyibheca. Kuyo yonke leyominyaka, wasungula nokuthuthukisa indlela yokuthi i-AARON ikwazi ukubheca. U-Cohen waklama i-AARON ukuba ibhece ngokusebenzisa izihlangulo ezikhethekile neziklweli (dyes) ezazikhethwe inhleleliso ngokwayo ngaphandle kokungenelela kwakhe.[3]
McCorduck, Pamela (1991). AARONS's Code: Meta-Art. Artificial Intelligence, and the Work of Harold Cohen (in English). New York: W. H. Freeman and Company. p. 210. ISBN 0-7167-2173-2 . CS1 maint: Unrecognized language (link )