inguxa eluntinti ethutha abantu, izilwane nempahla From Wikipedia, the free encyclopedia
Isithuthi siyinguxa ethutha abantu noma impahla. Izithuthi zihlanganisa izinqola (wagons), amasondombili (bicycles), izithuthi eziyizimoto (izithuthuthu, izimoto, amaloli, amabhasi, iziphengezi zokuntinta (mobility scooters) zabakhubazekile), izithuthi zojantshi (izitimela, trams), izimpozamanzi (watercraft) (imikhumbi, izikebhe, nezithuthi zangaphansi kwamanzi), izithuthi izimpilambili, izindiza (amabhanoyi, ophephela), nezindizamkhathi.
Izithuthi zasezweni zijinjwa kabanzi ngento esetshenziswayo ukuzishayela neziphoqi eziziqhuba ngokumelene nephansi: ukuba namasondo, ukuba nojantshi.
KunaboSondombili abangaphezu kwenqindi eyodwa (1 billion) asetshenziswa emhlabeni wonke.[1] Ngowezi-2002 kwakunezimoto ezingaba yizigidi ezingama-590 nezithuthuthu eziyizigidi ezingama-205 ezisebenzayo emhlabeni.[2][3] Ngokungenani, sekwenziwe oSondombili abayizigidi ezingama-500 bohlobo lweJuba elindizayo (Flying Pigeon) baseShayina, okuyisibalo esizidlula zonke ezinye izinongo zezithuthi.[4][5] Unongo lwesithuthi olukhiqizwa ngobuningi yisithuthuthu esibizwa Honda Super Cub, eseqe izigidi ezingama-60 kwesezidayisiwe ngowezi-2008.[6][7] Unongo lwemoto olukhiqizwa kakhulu lubizwa Toyota Corolla, njengoba sekukhiqizwe izigidi ezingama-35 zalo ngowezi-2010.[8][9] INdiza enephiko eligxilile eyaziwa kakhulu ibizwa ngokuthi Cessna 172, njengoba seziyizi-44,000 esezikhandiwe ngowezi-2017.[10][11] Uphephela okhiqizwa kakhulu ngowase-Soviet obizwa ngokuthi Mil Mi-8, osekukhoqizwe izi-17,000 zawo.[12] INdiza ewumzoyizelo wokwenza imali oseqhulwini ubizwa ngokuthi Boeing 737, kubalwa ezingaba yizi-10,000 ngowezi-2018.[13][14][15] Ibhasi elaziwa kabanzi yilelo lihlobo lwe-ZiU-9.
Seamless Wikipedia browsing. On steroids.
Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.
Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.