Isibhaliso sokufakwa kumchazamibhalo From Wikipedia, the free encyclopedia
Isijengamazwi somtapowolwazi siyincwadi yokubhalisa zonke izinto zomchazamibhalo ezitholakala kumtapolwazi noma iqembu lemitapolwazi, efana noxhoxho lwemitapolwazi esezindaweni ezihlukene. Isijengamazwi semitapolwazi siyiqembu sibizwa isijengamazwi sobumbano. Isibhalo somchazamibhalo kungaba yinoma yini enokwaziswa (njengencwadi, amahele wesiCikizi, imifanekiso, nezithako zamabalazwe njll) nethathwa njengesibhalo somtapolwazi, noma isibhalo semitapolwazi eyiqembu, noma isijengamazwi esikhongciwe (sekhasilwebu) uma nje lubalulekile esijengamazwini nakubasebenzisi bomtapolwazi.
Ngonyaka we-1841, u-Antonio Genesio Maria Panizzi[2] kanye no-Charles Ammi Cutter ngowe-1876[3] baqala umsebenzi owahlahla indlela ekuchasiseni imithetho yokujengamazwi yokuqala eyacabaywa ngokuqondene nezinongo zesumbono. U-Cutter yena waziveza ngokusobala izimpokophelo zohlelo lomchazamibhalo encwadini yakhe ethi Rules for a Printed Dictionary Catalog.[4] Ngokuka-Cutter, lezo zimookophelo yilezi
1. ukwenza umuntu athole incwadi enalezi zici ezilandelayo ezaziwayo (impokophelo yokuhlonza):
2. ukuveza okukhona emtapowolwazi (impokophelo yokuthungatha)
3. Ukulekelela ekukhetheni incwadi (impokophelo ecubungulayo)
Lezi zimpokophelo zisengawashelwa ngokwezincasiselo zanamuhla[5] formulated throughout the 20th century.
Ezinye izingqalabutho zalomkhakha kwakunguShiyali Ramamrita Ranganathan noSeymour Lubetzky.[6]
Izimpokophelo zika-Cutter zabuyekezwa nguLubertzky kanye neNgqungquthela yeMithetho yokuJengamazwi (CCP) eyayise Paris ngowe- 1960/1961, nokwaphumela eMthethweni yaseParis yokuJengamazwi (PP).
Isigabavu sakamuva sokuchazisa izinsebenzo zesijengamazwi somtapowolwazi senziwa ngowe-1998 ngeziMfuneko ezisebenzayo zeziQoshwa zomchazamibhalo (FRBR), ezichazisa imisebenzi emine yomsebenzisi: ukuthola, ukuhlonza, ukukhetha, nokuzuza.[7]
Seamless Wikipedia browsing. On steroids.
Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.
Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.