Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo labesifazane laseNingizimu Afrika
From Wikipedia, the free encyclopedia
Iqembu lesizwe lebhola lezinyawo labesifazane laseNingizimu Afrika eliteketiswa ngokuthi iBanyana Banyana iqembu lebhola lezinyawo elingaphansi kwenhlangano eyangemele ibhola lezinyawo eNingizimu Afrika eyaziwa ngokuthi yi-South African Football Association. Leli qembu ladlala umdlalo wokuqala neqembu lesizwe labesifazane laseSwazini mhla zingama-31 kuNhlaba ngonyaka wezi-1993. Kuwo lomdlalo wokuqala bebhekene neqembu laseSwazini bawuqoba lomdlalo ngama-14 e-0. Umqeqeshi wokuqala waleli qembu kwabe kungu Augusto Palacios [1].
Iqembu eBanyana Banyana selake ladlala kabili kwimidlalo yama Olimpiki. Baqala ukudlala ngonka wezi-2012 kimidlalo yama-Olimpiki eyabe ibanjelwe eLandani, umqeqeshi ngalesi sikhathi kwabe kunguSiphiwe Khoza. Okwesibili kwabe kungunyaka wezi-2016 edolobheni laseRio Da Janeiro lapho imidlalo yama-Olimpiki yabe ibajelwe khona, lapha umqeqeshi waqembu kwabe kunguVera Pauw. Kuzo zombili lezi zihlandla bakhishwa emqudelwaneni[2].