Imizwayi igama elisho iqembu lamaChwe amabili noma ukweqa ahlanganiswe iziphoqi zokuhehana ezibizwa iminqalo yevanga; nokho alibhekiseli ezihonyweni ezibhekana nokufanayo. Kodwana kumchazandalo wohoyana, nomchazatho wemvelo, kanye nomchazatho wempilo, elithi imizwayi libhekisela nasezihonyweni ezimagcezichwe.

Thumb
Umfanekiso wesimoncinci sesiphoqi seChwe- oveze umzwayi we-PTCDA, lapho amasongo amahlanu omCalahle wesithupha ebonakala khona.
Thumb
Umfanekiso wesimoncinci esiguduza ngokugqaya semizwayi emasongo ayisihlanu, oqukethe imihumo esamigqa yamayonda ayisihlanu womcalahle.[1]
Thumb
Umfanekiso wesimoncinci sesiphoqi seChwe elibizwa '1,5,9-trioxo-13-azatriangulene' nohlaka lwalo lwevanga.[2]

Umzwayi kungaba owenuzilinye (homonuclear), okusho ukuthi uqukethe amaChwe enhlwa eyodwa, ngokwesibonelo, amaChwe amabili womzwayi wesOhwe (O2); noma angaba awenuzilimbe (heteronuclear), okungumXube wevanga owakhiwa yizinhlwa ezeqa eyodwa, ngokwesibonelo, amanzi (anamachwe amabili weHwanzi nechwe lesOhwe elinye; H2O). Ngokomchachiso wempekumpeku yohowo, ibizo elithi umzwayi livame ukusetshenziswa ukuchaza noma yiziphi izinhlayiyana zohowo zazo zonke izakhiwo. Lencazelo ishaya indiva imfuneko umzwayi kufanele uqukathe amaChwe amabili, njengoba uhowo oluntentemukayo lunechwe elinye. AmaChwe nezixhoxho ezixhunywanga ngezinzuba, ezifana neminqalo yeHwanzi noma iminqalo yesihonyo , ngokuvamile akuthathwa njengomzwayi owodwa.

Imithombo

Wikiwand in your browser!

Seamless Wikipedia browsing. On steroids.

Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.

Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.