INgqoqelolwazi
uhlobo lomsebenzi wamaphatho / From Wikipedia, the free encyclopedia
INgqoqelolwazi iyincwadi yamaphatho noma iqoqovane elinikeza izifinyezo zolwazi olujwayelekile noma olukhethekile emkhakheni noma isifundo esithile. Izingqoqelokwazi zihlukaniswe zaba izibhalwa noma izifako ezihlelwe ngokwabosonhlamvu bamagama ezihloko noma ngeminxa yezihloko, noma akhongciwe futhi ayahlwayeka. [1] Ngokuvamile, izibhalwa zengqoqelolwazi zigxila ekwazisweni okuyisiminya okumayelana nendaba eshiwo esihlokweni sesibhalwa; lokhu akufani nezifako zesichazamazwi, ezigxile ekwazisweni kolimi okumayelana namagama, njengemsuka yawo, incazelo, ukuphimisela, ukusetshenziswa, kanye nezinhlobo zohlelo lolimi.
Izingqoqelolwazi bezilokhu zikhona iminyaka engaba yizi-2,000 futhi kuleso sikhathi ziye zathuthuka kakhulu ngokolimi (ezibhalwayo ngolimi olukhulu noma oluncane), ubungako (imiqulu embalwa noma eminingi), inhloso (ezethula ulwazi lonke noma olukhawuliwe), imibono engokwesiko (ezinegunya, ezenkolelombono, ezifundisayo, eziwusizo), ngababhali (iziqu zabo, nohlobo lokubhala), ngabafundi, (izinga lemfundo, isizinda, abakuthandayo, namakhono), kanye nangezobuchwepheshe ezikhona ukuze zishicilelwe futhi zisabalaliswe (imibhalo yesandla, ushicilelo olukhulu noma oluncane, uxhakaxholo). Njengemithombo oyigugu nothembekayo oqoqwe izingcweti, izishicilelo zithola indawo ephambili emtatsheni yolwazi, ezikoleni nakwezinye izikhungo zemfundo.
Ukuvela kwezinhlobo zemithombevulekile nezezibhangqiwe kulelikhulu lama-21, ezifana neWikipedia, kukukhulise kakhulu ukufikelelwa, abafundi, abalobi kanye nezifako zengqoqelolwazi ezihlukene.