Incazamininingo
Imininingo emayelana nemininingo / From Wikipedia, the free encyclopedia
Incazamininingo "iyimininingo ephana ngokwaziswa ngeminye imininingo",[1] kodwana ayisona isiqikili semininingo ngokwayo, njengomqhafazo womyalezo noma umfanekiso ngokwawo.[2] Kunezinhlobo eziningi ezihlukene zencazamininingo, zihlanganisa:
- Incazamininingo echazisayo – ukwaziswa okuchazisayo mayelana nensizakusebenza. Isetshenziselwa ukuvubukula nokuhlonza. Ihlanganisa izici ezifana nesihlokosiqu, isifinyezo, umlobi, namazwi amqoka.
- Incazamininingo engokohlaka – incazamininingo emayelana neziqukathi zencazamininingo futhi ikhombisa indlela Izinto eziyimbumbuthela ezihlanganiswa ngayo, ngokwesibonelo, indlela amakhasi ahlelwa ngayo kube izahluko. Ichazisa izinhlobo, izinhlelo, nobudlelwane nezinye izinkondolo zezibhalo zezezibhangqiwe.[3]
- Incazamininingo yobuphathi[4] – ukwaziswa okuwusizo ekuphatheni insizakusebenza, njengohlobo lwensiza, izivumelo nokuthi yadalwa nini nakanjani.[5]
- Incazamininingo yephatho – ukwaziswa okumayelana nesiqikile nezingabunjalo lemininingo yezibalomininingo.
- Incazamininingo yezibalomininingo[6] – ibizwa nangokuthi imininingo yomdludlungu, ichazisa imidludlungu eqoqa, idludlunge noma ikhiqize imininingo yezibalomininingo.[7]
- Incazamininingo yezomthetho – ihlinzeka ngokwaziswa okumayelana nomkhiqizi, umninimkhiqizo, nesivumelo esisobala, uma sikhishwa.
Incazamininingo ayiboshelwanga kunoma yimiphi iminxa esiyibalile, njengoba ikwazi ukuchazisa noma yiliphi ucezu lemininingo ngezindlela eziningi.