indawo yokuhlala yabantu eyisigodi nencane kunesidlidli From Wikipedia, the free encyclopedia
UMuzi noma isigodi siyindawo yokuhlala kwabantu noma umphakathi oyisixhoxho, encane kunesidlidli, enesibalo sabantu esingaba amakhulu ambalwa noma izinkulungwane ezimbili, lokhu kungenxa yokuthi Iningi lemizi itholakala ezindaweni zasemakhaya. Imizi ngokuvamile ziyizindawo okuhlalwa kuzo isikhathi, futhi izindlu ezakhiwa kuyo zisondelene kakhulu, azihlakazekile, futhi ibizwa ngokuthi izigodi ngoba kuvame ukwakhiwa ezindaweni eziyizigodi eduze namanzi, hhayi emagqumeni noma ezintabeni.
Endulo, imizi kwakuluhlobo lomphakathi oluvamile olwaluphila ngokulima. EBrithani, imizana yayiba nelungelo lokubizwa ngemizi lapho yakha indlu yosonta. Ezindaweni eziningi, izidlidli nezidlavela zazimbalwa, kunabantu abambalwa abahlala kuzo. Inguqulo yezimboni yaheha izinkumbi zabantu ukuba ziyosebenza emkhandweni; ukuqoqelana kwabantu kwabangela ukuba imizi eminingi ikhule I've yizidlidli nezidlavela. Lokhu kwenza kuvele izisebenzi ezikhethekile namakhono nokuthuthukiswa kohwebo oluhlukahlukene. Isibunge sokuyahlala ezidlidlini sisaqhubeka namuhla, nakuba singasaxhumene nezimboni. Ngokomlando izindlu zazisondelene ukuze kuphiliswane futhi kuvikelwane bese umhlaba ozungezile wona wawulinywa.
Seamless Wikipedia browsing. On steroids.
Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.
Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.