Umncwebe

isithako esinqumile esinohlaka oluhlelembiwe olusimoncinci From Wikipedia, the free encyclopedia

Umncwebe

Umncwebe uyisinqumela esiqukethe amachwe ( imizwayi noma izihonyo) ahlelenjwe ngesifanelo esiwuhlaka olusimoncinci. Imincwebe yakhiwa imitshoko ngenqubo ebizwa ukuncwebeka, ewuhlobo lokuguquka kwesimo. Ngokuvamile umtshoko kuba uketshezi, Kodwa imincwebe iyakheka nangohowo. Ngokwesibonelo, iqhwa liyimincwebe yamanzi ebunjwe kusuka emoyeni oqukethe umhwamuko wamanzi (amanzi ahwamukile). Ukuncwebeka kungenzeka ngokukhazeka (freezing) komtshoko olula. Ngezinye izikhathi umchadamezo nengcindezi kuyadingeka ukuze isiqa sibumbe imincwebe. Idayimani liwumncwebe womcalahle obumbeke ngaphansi komchadamezo nengcindezi. Imincwebe iyatholakala ngokwemvelo noma ingakhandwa. Isifundo senzululwazi semincwebe nokwakheka kwayo sibizwa ngokuthi umchazamincwebe. Umdludlungu wokwakheka komncwebe ubizwa ngokuthi ukuncwebeka noma ukushumanqa.

Thumb
Imincwebe yensogcaki ''(amethyst quartz)''
Thumb
Ngokwesimoncinci, umncwebe owodwa unamachwe acish'aphelela ngokuhleleka; umncwebegcezi (polycrystalline) wakhiwa imincwebe eminingi esimincinci ebizwa imincwebezana; bese isinqumela esingenasimo (amorphous) esifana nenhlaka asihlelekile neze nangokwesimoncinci.

Wikiwand in your browser!

Seamless Wikipedia browsing. On steroids.

Every time you click a link to Wikipedia, Wiktionary or Wikiquote in your browser's search results, it will show the modern Wikiwand interface.

Wikiwand extension is a five stars, simple, with minimum permission required to keep your browsing private, safe and transparent.