![cover image](https://wikiwandv2-19431.kxcdn.com/_next/image?url=https://upload.wikimedia.org/wikipedia/commons/thumb/0/00/Medical_diagnosis_for_the_student_and_practitioner_%25281922%2529_%252814781512191%2529.jpg/640px-Medical_diagnosis_for_the_student_and_practitioner_%25281922%2529_%252814781512191%2529.jpg&w=640&q=50)
UKuhlolwa kwesifo
inqubo yokuthola noma ukukhomba isifo noma ukuphazamiseka, okungabhekela izimpawu zomuntu nezimpawu zakhe / From Wikipedia, the free encyclopedia
Ukuhlolwa kwesifo kusho ukuthola ukuthi yisiphi isifo esihambiselana nezimpawu ezitholakala esigulini. Kuvamise ukubizwa ngokuxilonga kusetshenziswa ulimi lwezokwelapha olucacile. Ulwazi oludingekayo uma kuxilongwa luvamise ukuthi lutholakale emlandweni kanye nasekuhlolweni komzimba waloyo odinga usizo lokwelashwa. Kujwayelekile ukuthi kusetshenziswe izindlela zokuthola isifo eziningi uma kuhlolwa, kubalwa kuzo ukuhlolwa ngezokwelapha.
Kwesinye isikhathi ukuxilongwa ngemuva kokufa nakho kuthathwa njengokuxilonga okuhambelana nezokwelapha. Lokhu kuxilonga kuvamise ukubanezingqinamba, ngoba iningi lezimpawu azicaci kahle. Isibonelo ukubabomvu kwesikhumba, nokungaba uphawu lwezifo ezahlukene ngakho ke okumcaciseli umsebenzi wezempilo ukuthi ngabe inkinga ikuphi.