Imininingo yezezibhangqiwe
ukwaziswa okumelelwa ngendlela elubandlu neqhubekayo / From Wikipedia, the free encyclopedia
Ngokombono wokwaziswa nasezimisweni zokwaziswa, Imininingo yezezibhangqiwe ingukwaziswa okumelelwa uhidi lwezimpawu ezilubandlu ngazinye ezingaba amanani engenasigcino njengosonhlamvukazi noma izinombolo. Isibonelo umbhalo wesiqakaqo (text document), oqukethe uhidi lwezimpawu ezingusonhlamvunani (alphanumeric). Isimo esivamile semininingo yezezibhangqiwe ezimisweni zokwaziswa zananuhla imininingo emabhangqa, emelelwa uhidi lwezincwana (amanani) amabhangqa ngalunye elingaba inani lalawa amabili, kungaba ingungu 0 noma umuvo 1.
Imininingo yezezibhangqiwe ingaqhathaniswa nemininingo enzuko, yona emelelwa izinhlobo eziqhubekayo zamanani angokoqobo. Imininingo yenzuko ifufukiswa ngesiyabizo senzuko, esingagcini ngokuba amanani aqhubekayo, kodwa siyahlukahluka ngokuqhubekayo kuye ngesikhathi, siyinsebenzo yesikhathi eqhubekayo yenani-loqobo. Isibonelo umfutho womoya ohlukayo ophakathi kweZa lomsindo.
Igama elithi "ezeziBhangqiwe" liqhamuka kwelithi 'izincwana ezibhangqiwe' noma 'amanani amabhangqa' (binary digits), njengoba lamanani abhangqiwe, konke okusebenzisa isimiso seziyabizo samanani alubandlu, kuthiwa ngezezibhangqiwe, okusho ukuthi ezamanani/izincwana ezibhangqiwe. Leli bizo lesizulu lingasetshenziswa kwezokucikiza nezenzuba, ikakhulu lapho ukwaziswa kwezwe loqobo kuguqulelwa esibalweni sesimo esimabhangqa njengasemsindweni wezezibhangqiwe noma ukuthwebula kwezezibhangqiwe..